Summary: | Submitted in partial requirements for the degree of Master of Arts in the Department of IsiZulu namaGugu in the Faculty of Arts at the University of Zululand, 2006. === Lolu cwaningo lucubungula indlela umfana akhuliswa ngayo esizweni
samaZulu nokubaluleka kwakhe. Lubheka imikhutshana eyenziwa
kusukela ezalwa ekhula aze eluse, esenga, ebophela, ebuthwa aze
abe insizwa lapho eseqomisa.
Isahluko sokuqala sizokwethula ucwaningo nenhloso yalo.
Kuzovezwa umklamo wocwaningo nendlela ezosetshenziswa
ngenkathi kubhekenwe nalo mshikashika. Kuzokwenekwa umlando
omfishane ngendlela umfana akhuliswa ngayo esizweni
sikaMalandela.
Isahluko sesibili sizobheka kabanzi imikhutshana namasiko enziwa
mhlazane kuzelwe umntwana womfana. Kuzobhekwa amakhambi
agezwa ngawo nezinyamazane ashunqiselwa ngazo. Ukubaluleka
kokugcotshwa ngebomvu nakho kuzobhekwa ngeso lokhozi.
Luzobheka ngokubanzi umkhutshana wokuklekla, ukuphehla,
ukusokwa luze lumgojele lapho esekhula.
Isahluko sesithathu sizogxila lapho umfana eselusa noqeqesho
aluthola khona. Sizomqala phansi lapho esalusa izinkukhu, sinyuke
naye eselusa izimbuzi, aye emvemveni, emankonyaneni, amathole
aze afike ezinkomeni. Izifundo ezitholakala ekwaluseni njengolwazi
lwezilwane, izinyoni nemithi nakho kuzenhlobonhlobo etholakala ekwaluseni
ukungcweka, ukudla iphaphu, nokuciba insema.
esebuthwa nalapho eseba udibi.
njengokubhukuda,
Sizombheka lapho
Isahluko sesine sizocubungula uqeqesho umfana aluthola ekhaya.
Lapho kuzobhekwa ukusenga, ukuhlinza, ukuhlahlela, ukubophela
izinkabi, nokudipha. Indlela yokuvunula sizoyifakela iso lapho
ezofundiswa khona ukusika amabheshu nezinene. Ukugawula
izintingo umfana efundiswa ukwakha isibaya nakho kuzovezwa.
Isahluko sesihlanu sizogxila lapho umfana esengene ebunsizweni,
eseqomisa. Sizobheka izingqinamba nemikhutshana ephathelene
nokuqomisa. Amakhambi asetshenziswayo ukuze insizwa ibe nogazi
ezintombini njengobulawu nakho kuzofakelwa iso. Eminye
imikhutshana eyenziwayo ukuzuza intombi njengokunqunda
izimbangi ukuyiphonsa, ukuyithwala, ukukhuzela neminye nakho
kuzocutshungulwa. Umkhosi wokubonga indaba nawo ngeke
wabukelwa phansi.
Isahluko sesithupha sizobe sesiyiphothula le mbenge bese sihlaziya
lonke ucwaningo siveze namakhambi (izincomo). Imidlalo
|