Ucwaningo ngesakhiwo sangaphandle ezinkondlweni zika – E.L. Mhlanga

A thesis submitted in partial fulfillment of the requirements for the degree of Master of Arts in the department of Isizulu naMagugu in the Faculty of arts at the University of Zululand, 2005. === Lona umsebenzi wocwaningo ohlelwe ngokwezahluko eziyisikhombisa. Leso naleso sahluko sigxile emgomeni...

Full description

Bibliographic Details
Main Author: Thwala, Delisile Emmah
Other Authors: Khumalo, L.Z.M.
Format: Others
Language:zu
Published: 2009
Subjects:
Online Access:http://hdl.handle.net/10530/113
Description
Summary:A thesis submitted in partial fulfillment of the requirements for the degree of Master of Arts in the department of Isizulu naMagugu in the Faculty of arts at the University of Zululand, 2005. === Lona umsebenzi wocwaningo ohlelwe ngokwezahluko eziyisikhombisa. Leso naleso sahluko sigxile emgomeni owodwa ogqamile ezinkondlweni zembongi ekhethelwe lolu cwaningo u-EJ Mhlanga. ISAHLUKO 1: sendlalela ucwaningo ngokucubungulisisa izinhloso, izindlela nomkhawulo wocwaningo kanye nomlando wembongi okuhlaziywa izinkondlo zayo. Kugxilwe ezinhlosweni zokucwaninga imvumelwano, ifanamsindo, ukuxhumanisa, impindamqondo nempindwa kanye nesigqi. Umkhawulo wocwaningo ugxile emaqoqweni ezinkondlo ayisithupha, okukhethwe izinkondlo ezingamashumi amane nesithupha ezihlungelwe lolu cwaningo. Kusetshenziswe izindlela zocwaningo ezimbili: indlela yemibuzo negokufundwa kwezincwadi eziqukethe imigomo yokuhluza. ISAHLUKO 2: sithinta imvumelwano ezinkondlweni eziqokiwe. Sigqamisa izindawo izimvumelwano ezitholakala kuzona: ekuqaleni, maphakathi nasekugcineni kwemigqa yezinkondlo. ISAHLUKO 3: kucutshungulwe ukufana kwemisindo ukusukela konkamisa, ongwaqa kuze kufinyelele kumalunga. Kuhlaziywe kabanzi ofanankamisa, fanangwaqa nefuzamsindo ekuvezeni imiqondo nemigqumo ezinkondlweni. ISAHLUKO 4: lapha kucwaningwe ngokuxhumanisa kwagxilwa ezindaweni okwenzeka kuzona: ekuqaleni, maphakathi nasekugcineni kwemigqa yezinkondlo. Kuhlaziywe nendlela okwenzeka ngayo okuthinta ukweqa imigqa, ukuphambana, ubunxemu nokuba mazombe. ISAHLUKO5: siveza ukusebenza kwempindamqondo egqanyiswe ukusetshenziswa kwamagama aphindiwe ngenhloso yokuletha umgqumo ezinkondlweni. Impindwa ivuzwe ukuphindeka kwemigqa ekuqaleni, mmaphakathi nasekugcineni kwezingaba zezinkondlo. ISAHLUKO 6: kucutshungulwe isigqi esigqanyiswe ukwelekana kwemigqa, ukweqiwa kwawonkamisa, amalunga namagama athile aphelele. Kuhlaziywe izigaba, izindima nezikhawu ezitholakala ezinkondlweni ezikhethelwe lolu cwaningo. ISAHLUKO 7: siqoqela ndawonye imiphumela nezincomo zocwaningo. Kuvela iziphakamiso nezinselelo okufanele zihlolisiswe ngabanye abacwaningi ekuhluzweni kwezinkondlo.